News | 04

Friday, 07 March 2025

Uthuswe yinhlamba...

Kuhlaselwe indodana yeBhova ngoxhaso lokuvusa imoto kayise


Umndeni ucacisa ngemfihlo yokuyekwa kwayo
Image

OWAYENGUMCULI kamaskandi uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Mseleku (ongasekho).

MTHOBISI SITHOLE

UMNDENI kaMgqumeni "iBhova LikaDikadika"  Mseleku owayeyisilomo somculi kamaskandi uveza imfihlo yokungavuselelwa kwemoto yakhe.  Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwendodana yeBhova ebicela umnikelo ezinkundleni zokuxhumana yaze yafaka ne-account yayo yasebhange ukuba bayinikelele ukuze ivuse le moto.

Indodana kaMgqumeni, uSmiselo-ugxekwe ngokucela uxhaso ebantwini. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bamchaphe ngezinhlamba, bethi akahambe ayofuna amatoho asebenze ukuze avuse imoto kayise. Le moto sekuphele iminyaka ewu-15 yagingqika, yapakwa emuva kwendlu endaweni yakwaGxobanyawo, eNquthu lapho okwangcwatshwa khona iBhova koninalume.
UMgqumeni ushone ngomhla ka-19 kuDisemba -2009.

Image

IMOTO yeBhova eyagingqika eseshonile

 Ekhuluma naleli phephandaba uNelisani Mseleku oyilungu lomndeni, uthe kunezizathu ezinkulu ezenze ukuba iyekwe kanjena le moto ihlale ekhaya. Uthi ezinye zazo lezi zizathu, kuvikelwa zona izingane zalo iBhova.

"Kunezizathu ezinkulu zokubekwa kwaleya moto," esho

Uveze ukuthi le moto yehliswa isuswa eGoli ngesikhathi kuyongcwatshwa uMgqumeni, okuthe emuva komgcwabo yabekwa yambozwa ngoseyili.

"Umuzi nomuzi unezinto zakhona. Akekho umuntu ongayithandi imoto phakathi kwekhaya, nathi asikaze siyisebenzise. Inkinga enkulu ngeyokuthi kwesinye isikhathi uma uthi uzama ukulungisa izinto, zokonakala kakhulu. Le moto  ayigingqwanga yithina nobhuti (uSkhevane).

"UMgqumeni ushone singenazo izimoto, kodwa emuva komngcwabo wakhe, sayishiya ekhaya sagibela amatekisi sabuyela eGoli ngoba sinezizathu," esho.

Uthi ziningi izimoto zikaMgqumeni abantu abangazazi, zonke ziphelela emhlabathini.

Indodana yeBhova ithe ukucela kwayo uxhaso ezinkundleni zokuxhumana, kungenxa yokuthi kukhona abathile abaphakamise ukuba ivuswe kabusha. Ithe kuyayimangaza ukuthukwa kangaka ekubeni bekungesiwona umbono wayo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kunemibiko ethi uMgqumeni wayeshilo ngemizuzu yokugcina ukuthi ayobekwa le moto ingasetshenziswa. Kuthiwa eseshonile, nezikhiye zayo bezihlala kuninakhulu  uNkz Qaledumisa Sibiya (ongasekho).

"Imoto ibihambisa ugogo wakhe emholweni kuphela bese iyabekwa. Ngolunye usuku engekho ugogo, yathathwa ngomunye oyilungu lomndeni wahamba ngayo eyothenga okuthile, yagingqika obala," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

0