Izindaba | 04

Friday, 21 March 2025

Image
Image

Inkakha kowokholo iyala abasafufusa

Phumlani Gama

UKHUTHAZA intobeko nenhlonipho emacikweni asafufusa umculi oseyibambe isikhathi eside emkhakheni we-gospel uKholeka Dubula-Sosibo (49). UKholeka ungowokuzalwa eButterworth,
e-Eastern Cape. Ushadele kwaSosibo eMzimkhulu, KwaZulu-Natal.

Waqala ukuqopha ngokuzimela ngo-1997, icwecwe lakhe elinesihloko esithi 'Khilikithi'. Ziningi izingoma adume ngazo kulo mkhakha okubalwa kuzona nenesihloko esithi, 'Alibuyi lilambatha'.

Lo mculi ube nengxoxo ekhethekile ne
LANGA Lempelasonto. Uthi abaculi abasebancane akufanele bangene kulo mkhakha ngoba befuna udumo kuphela, kodwa kufanele bayiqonde injongo yokucula kwabo okuwukuhambisa ivangeli.

Uveze ukuthi kuyakhathaza futhi
akwemukeleki ukuzwakala kwamahlazo okuthiwa enziwa ngumculi we-gospel.

Image
Image

NGUKHOLEKA  Dubula-Sosibo ocula umculo wokholo.

"Mina ngaqala ukucula esontweni. Ngo-1996 ngaqala ukucula esidlangaleni. Kuze kube yinamuhla ngisayibambile emculweni. Ngenxa yokuzithoba, ngiqonde kabanzi ngohlobo lomculo nenjongo yokuba khona kwawo, ngihambele amazwe amaningi ase-Afrika.

"Nokho-ke kukhona konke, ngibonga umusa kaNkulunkulu ngoba namanje basekhona abasakholelwe ekhonweni lami. Kubalulekile ukuthi uzilungiselele kusenesikhathi uma uzocula phambi kwabantu. Ubheke uhlobo lwezimpahla ezihambisana nenhlonipho.

"Ukugqoka nje kukodwa kuyawanyusa amaphuzu okungena ezinhliziyweni zabantu. Ngikhuthaza nemfundo kubantu abasha. Lokhu ngikusho ngoba mina ngangena emculweni ngingafundile, kodwa kwathi uma ngibona ukuthi ngenza imali ngomculo, ngathatha ingxenye yaleyo mali ngabuyela esikoleni.

"Ngafunda ngaze ngangena ezikhungweni zemfundo ephakeme namuhla
ngine-Degree in Communications," esho.


Uqale uhlelo lokusiza abaculi ngezinhlelo zokufaka umculo wabo ezitolo za-online. "Ngineminyaka emibili ngiqale uhlelo lokusiza abaculi ngokufaka umculo wabo ezinkundleni zesimanje, ukwazi ngamalungelo abo kanye nezinye ezindlela zokuzenzela imali ngomculo wabo," echaza.

0