News | Lucky Cain
Thursday, 26 February 2025
Okhulumela iMoja Love, uthi lena yindlela abatshengisa ngayo ukuthi udlame luyinto ekhona emphakathini, okumele ixazululwe
NGUTHANDO noSiyacela Dlamuka bohlelo Isencane Lengane, olukhonjiswa kwiMoja Love.
Lucky Cain
SISAQHUBEKA nokuvikela uhlelo Isencane Lengane, isiteshi sikamabonakude iMoja Love, channel 157, kulandela izinkulumo nokukhononda kwabanye
bababukeli balolu hlelo 'ngezigameko zokuhluku-meza' abathi zikhonjiswa kulona.
Isiqephu sangeledlule salolu hlelo, sisuse izinkulumo abanye bababukeli baze babhalela izikhulu zalesi siteshi neBCCSA, eyengamele ukukhononda ezinhlelweni zikamabonakude, bekhala ngesihluku esikhonjiswa nguSiyacela Dlamuka kumkakhe uThando.
Kulesi siqephu uSiyacela wazwakala ephimisa amagama ayiziswana, efuna ukuthatha isithembu ngenkani, waze wakhuluma ukudelela nasemakho-sikazini kayise ongasekho.
Akagcinanga lapho uSiyacela, waze wabasabisa ngokuthi ozophatha igamalakhe uzomkhombisa, wayekusho lokhu nje, ephethe imvubu ngesandla. Lokhu kwasusa umsindo kubabukeli, kwaphithizela izinkundla zokuxhumana abantu becela ukuba luvalwe lolu hlelo, lungabe lusabuyiselwa emoyeni, belusola ngokugqugquzela udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Abanye babhala ezinkundleni zabo zokuxhumana, bezwakalisa ukunengeka kwabo. IMoja Love igcine iphawulile ngalesi siqephu ngemuva kwesikhathi esingangesonto ithule, ingaphawuli ngokuvele kulesi siqephu.
NGUSIYACELA Dlamuka nenkosikazi yakhe uThando, uMaMsomi, abazakhela udumo ngokuvela ohlelweni oluthi, Isencane Lengane, olukhonjiswa kwiMoja Love, olukhuluma ngomshado wabo kusuka beseneminyaka ewu-16 ubudala.
Lesi siteshi siveze ukuthi kusukela kudlale lesi siqephu emoyeni, sebethole imibuzo eyahlukene, eqhamuka kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana.
"Kubalulekile ukuthi siqonde ukuthi lolu hlelo lukhombisa ngqo okwenzeka emiphakathini esiphila kuyona, futhi luyaqwashisa nangeziga-meko zokuhlukumezeka ezikhona abantu ababhekana nazo," kusho uNonzwakazi Cekete okhulumela lesi siteshi.
Uthe iMoja Love iyaqhubeka nokuba yiso lomphakathi ngokuba nezinhlelo ezibhekana ngqo nokusiza abantu abangakwazi ukuzisiza bona. Ubalule izinhlelo ezifana no-Uyaphuza, Molao O Reng, Sikhipha Ama-Files, Vimba, Sizok'thola, Ngawana Wa Tshewanya nezinye njengezinhlelo abazigqaja ngazo ukusiza umphakathi.
UNonzwakazi uthe udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ludla lubi kuleli lizwe, ngakho kumqoka ukuthi kuhlale kunezingxoxo zokubhekana nalo ukuze kutholakale isixazululo.
UNonzwakazi uthe lolu dlame akumele lukhulunyelwe esithe, kodwa kumqoka ukuthi lube sobala ukuze abantu bakwazi ukubhekana nalo. Uthe bayakuqonda ukuthi isiqephu sangeledlule sicasule abaningi, kodwa kunendlela abantu okumele basibuke ngayo, ngaphandle kokubheka olodlame kuphela, kodwa basibheke njengesifundo ngokuthi abakubonayo, yinto eyenzekayo emiphakathini, kakuyona nje eyalolu hlelo kuphela.
UNonzwakazi uthe bayaqhubeka nokutholela uThando namalungu omndeni ahlukumezekile usizo lokwelulekwa ngokwengqondo, futhi bazoqhubeka bakwenze lokhu. UNonzwakazi akayiphendulanga imibuzo yaleli phephandaba mayelana nekusasa lalolu hlelo, nokuthi lusayifeza yini inhloso yokusu-ngulwa kwalo njengoba lwalugxile ekushadeni kwezingane ezisencane.
Lesi siteshi kasiqali ukuba nyamanambana kubabukeli neBCCSA, njengoba olunye lwezinhlelo zaso, lwaba sematheni, abantu bakhononda ngalo, Uyajola 99. NolweSizokthola, lubile sematheni kuboshwa umethuli walo, uXolani Khumalo osanda kukhishwa phambili yinkantolo.
NJENGAMANJE uSiyacela noThando sebekhulile, kodwa izenzo zokuhlukumeza zikaSiyacela, kubukeka zisalokhu ziqhubeka.