Izindaba | 02
Friday, 04 April 2025
01
UNGQONGQOSHE wezoBulungiswa kuzwelo-nke, uNkz Mmamoloko Kubayi, ufuna incazelo ephelele kwinhlangano eyengamele ezokushu-shiswa kuleli, iNational Prosecuting Authorites (NPA), ngezizathu eziholele ekudedelweni kukaMfundisi uTimothy Omotoso (osesithombeni), otholwe yiNkantolo eNkulu yaseGqeberha engenacala emacaleni awu-32 abebhekene nawo, okubalwa kuwo awoku-dlwengula nokukhwabanisa ngoLwesithathu.
UNkz Kubayi uthi unqume ukusebenzisa amandla akhe, wasebenzisa uSection 33 (a) womthetho wezokushushisa, wacela umbiko ogcwele kwiNhloko yabashushisi, uNkk Shamila Batohi "ngokuphunyuka" kuka-Omotoso. Uthi ukuphunyuka kuka-Omotoso kuveze iNPA njengehlulekayo ukutholela izisulu zodlame lobulili ubulungiswa, okuyinto okumele iNPA iyifakele izibuko, iyilungise.
02
Usadidekile owine u-R48m wePowerball
USADIDEKILE umlisa waseMandeni, owine u-R48 million wePoweball. Kubikwa ukuthi uthi akakazi ukuthi uzoyisebenzisa kanjani le mali, kodwa akwaziyo wukuthi njengomuntu ongasebenzi, ubelambele ukuphila impilo emnandi.
Lo mlisa wathenga ithikithi ngo-R45, wazikhe-thela izinombolo. Kubikwa ukuthi akaganiwe futhi akanazingane. Nakuba esadidekile ukuthi uzoyenzani imali, kodwa kubikwa ukuthi uthe ufisa ukushintsha impilo yakhe neyabanye. Enye yezinto afuna ukuzenza wukunikela ingxenye yemali esontweni lendawo.
Lo mlisa uhalaliselwe yisikhulu seThuba, uNkk Charmaine Mabuza.
03
NGUNKK Helen Zille ongumholi weDA, ofake amaphepha esimangalo enkantolo.
UMHOLI weDA uHelen Zille, ufake amaphepha esimangalo eNkantolo eNkulu eCape Town, mayelana nodaba lwebhajethi eyethulwa nguMnu Enoch Godongwana ngenyanga edlule.
Lokhu kulandela ukuba iPhalamende liphasise uhlaka lwezemali kuhulumeni, okwakhelwa phezu kwalo isabelomali. Kulolu hlaka, uGodongwana wenza isiphakamiso sokuba kwenyuswe intela ekhokhwa ezimpahleni, iVAT, ngo-0.5% nonyaka, nangonyaka ozayo iphinde yenyuswe ngo-0.5% ukuze kwandiswe imali eqoqwa wuhulumeni.
Ikomidi lezemali ePhalamende lulwamukele lolu hlaka, kodwa lwaphakamisa ukuba ungqongqoshe abheke ezinye izindlela zokwandisa imali eqoqwa wuhulumeni, ngaphandle kokuba kwenyuswe iVAT.
I-DA inxusa inkantolo ukuba ikuchithe ukuphasiswa kwalolu hlaka. I-DA ilwa nendaba yeVAT - ayifuni ukuba yenyuswe.
04
BANGAPHEZU kuka-46 500 abokufika abebekuleli ngokungekho emthethweni, ababuyiselwe emazweni abo kunyakamali ka-2024/25. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezaseKhaya, uMnu Leon Schreiber (osesithombeni) ngoLwesine njengoba ngoLwesibili iminyango kahulumeni iqale unyakamali ka-2025/26 ngoLwesibili. USchreiber uthe lesi sibalo sabantu ababuyiselwe emazweni abo senyukile uma siqathaniswa nesonyakamali ka-2023/24 esasihleli ku-39 672.
Uthi lokhu kumele kuthumele umyalezo wokuphela kwesikhathi sokuzicanasela kuleli, kulabo abasaca-banga ukuza ngokungemthetho. Uthi umnyango wakhe uzoqhubeka nokuqinisa imithetho emingce-leni yakuleli, ukuvimba ukungena kwabantu ngokungekho emthethweni.